Nquma ukuthi yiziphi izilwane ozozidayisa futhi uzidayiselani.
Ukuzihlela ngokuzihlukanisa kunqunywa ngeminyaka, ukukhuluphala, ukufaneleka, ukulimala nobulili.
Umuntu okusiza ngokuthengisa angakusiza ukukuhlukanisela lezi zilwane.
Thinta umuntu othengisayo ubuze ngamanani entengo kanye nezindlela zokuthengisa.
Nikeza ulwazi olufanele ngezinga kanye nokuhlukaniswa, isimo sokumitha, isisindo kanye, okubaluleke kakhulu, nenani lentengo eligodliwe lemfuyo yakho.
Qinisekisa ukuthi yonke imfuyo yakho inophawu lokuyikhomba olusemthethweni.
Yenza amalungiselelo okuzithutha.
Thola isitifiketi sokuzithutha Egatsheni Lokwebiwa Kwemfuyo lendawo.
Ngaphandle kwalezi zincwadi, ungahlawuliswa noma imfuyo yakho ithathwe.
Gcwalisa ifomu Yokuvuma Ukwamukela enegama lakho, ikheli, uMazisi kanye nemininingwane yokukhomba imfuyo.
Yazi ukuthi imfuyo yakho kusengeyakho futhi usabhekene nayo.
Indali iphela lapho uthi khona "seyithengisiwe".
Qedela umsebenzi wokuthengiselana.
Yenza isitatimende sokusula imfuyo futhi uqiniseke ukuthi yonke imininingwane ilungile.
Kungenzeka kube ukheshe noma isheke. Qiniseka ukuthi yonke imininingwane eseshekeni ilungile. Indlela ephephile ukuthi uthi imali yakho mayifakwe ku-akhawunti yakho ebhange.
Umthengi udinga incwadi yokumgunyaza etholakala eGatsheni Lokwebiwa Kwemfuyo ukuze ayithuthe imfuyo.
Kuyinto enhle njalo ukuthi uye endalini ngaphambi kokuthi uyothengisa imfuyo yakho okokuqala. Noma hamba nomunye umuntu oseke waya ngaphambilini.
Yisho isisindo esilungile sesilwane ngaphambi kokuba iye endalini.
Indawo yophawu lokukhomba olusemthethweni. Kufakwa ithathu (tattoo) endlebeni yangakwesokunxele noma yesokudla. Ukushisa kwenziwa emlenzeni wangemuva nasesiphangeni.
